About Us News

Inkulumo kaPrime Minister eMbuthanweni i-India Ideas Summit 202

Back | Print

Inkulumo kaPrime Minister eMbuthanweni i-India Ideas Summit 2020

Julayi 22, 2020

Sanibona!

Baholi bamabhizinisi,

Zihambeli ezikhethekile,

Ngibonga uMkhandlu i-US-India Business ukungimema ukuba ngizokwethula inkulumo ku-'India Ideas Summit'. Ngihalalisela ne-USIBC njengoba iqeda iminyaka engamashumi amane kulo nyaka. Eminyakeni eminingi edlule i-USIBC isondelanise ndawonye amabhizinisi ase-India kanye nawase-America. I-USIBC ku-Ideas Summit yalo nyaka iqoke “Ukwakha Ikusasa Elingcono” njengendikimba efanele.

Bangani,

Sonke siyahambisana nokuthi umhlaba udinga ikusasa elingcono. Futhi, yithina sonke ngokubambisana okumele sakhe ikusasa. Ngikholelwa ukuthi indlela yethu ebheke ekusaseni elingcono kumele kube yileyo esekelwe esintwini. I-ajenda yethu yentuthuko kumele ibeke phambili labo abampofu kanye nabayizisulu. ‘Indlelakuphila Engcono” ibaluleke njenga ‘Ezamabhizinisi Anempumelelo.’

Bangani,

Okwenzeka manje kusifundise ukuthi umnotho womhlaba ubugxile kakhulu ekubeni ngosebenzayo. Ukuphumelela kuyinto enhle. Kepha-ke endleleni siyakhohlwa ukugxila kulokho okubalulekile nakho. Lokho ukumelana nesimo sezinto ezivela ngaphandle ezethusayo. Kuze kwaba ukufika kobhubhane oluhaqe umhlaba wonke okusikhumbuze ukubaluleka kokumelana nesimo.

Bangani,

Ukumelana nesimo somnotho womhlaba kungazuzwa ngokuqinisa iminotho emakhaya. Lokhu kuchaza imikhiqizo yasekhaya ephuculiwe, ukubuyisela esimweni impilo yohlelo lwezezimali kanye nokuphucula imikhiqizo nokuxhantelisa uhwebo lomhlaba.

Bangani,

I-India ibamba iqhaza emhlabeni ophumelelayo nomelana nesimo ngenhlabamkhosi ye ‘Atmanirbhar Bharat’. Ngalokho-ke silinde ukusebenzisana nawe!

Bangani,

Namuhla kukhulu ukwethenjwa kwe-India. Lokhu kubangelwa ukuthi i-India ihlinzeka ngengxube yokuvuleleka, amathuba kanye nongakhetha kukho. Ake ngenabe. I-India igubha ukuvuleleka kubantu kanye nezokuphatha. Imiqondo evulekile yakha izimakethe ezivulekile. Izimakethe ezivulekile ziholela empumelelweni enkulu. Lena yimigomo i-Indi ne-USA abavumelana ngayo.

Bangani,

Kule minyaka eyisithupha eyedlule, senze imizamo eminingi ukwenza umnotho wethu uvuleleke futhi uphokophelele oguqukweni. Izinguquko ziqinisekise ukwanda “Kokuqhathaniseka”, Ukuphucula ‘Ukuba sobala’ kanye ‘Ukuguqulelwa kumakhompyutha’ kanye no ‘Phuculo’ olukhulu kanye nolukhulu ‘Uzinzo lweziNqubomgomo.’

Bangani,

I-India ithuthuka njengomhlaba wamathuba. Ake ngininike isibonelo somkhakha wezobuchwepheshe. Kamuva nje, kuphume umbiko othokozisayo nge-India. Kuthiwa ngokokuqala ngqa, baningi abasebenzisi be-inthanethi ezindaweni ezisemakhaya kunabasezindaweni ezisemadolobheni. Cabanga leso sibalo! Njengamanje sekunabantu abanguhhafu webhiliyoni base-India abasebenzisa i-inthanethi. Uhhafu webhiliyoni oxhumekayo. Ngabe lesi sibalo sizwakala sisikhulu kuwena? Donsa umoya ngoba abantu abangaphezu kukahhafu webhiliyoni bayaxhumeka ngezobuchwepheshe. Amathuba kwezobuchwepheshe abandakanya ezobuchwepheshe be-5G, i-Big data analytics, i-Quantum computing, i-Block-chain kanye ne-Internet of things.

Bangani,

Abanzi amathuba otshalozimali e-India. I-India iyanimema ukuba nizofaka izimali kubalimi bethu abasebenza ngokuzikhandla. I-India isandukwenza ingqophamlando emkhakheni wezolimo. Maningi amathuba otshalomali kule mikhakha: Ezolimo nemishini, ukuphathwa kwezokuthengwa nokukhokhelwa kwempahla kwezolimo, okulungele ukudliwa, ezezinhlanzi nemikhiqizo engenazikhuthazi. Umkhakha wezokukhiqizwa kokudla wase-India kulindeleke ukuba ube ngamadola angaphezu kukahhafu wethriliyoni ngowezi-2025. Ukwenza imizila eminingi yemali, okuyisona sikhathi sokuthola amathuba otshalomali emkhakheni wezolimo e-India, yiso lesi samanje!

I-India iyanimema ukuba nitshale imali kwezempilo. Umkhakha wezempilo e-India ukhula ngesivinini esingaphezu ngamaphesenti angama-22 unyaka nonyaka. Izinkampani zethu nazo ziyathuthuka ekukhiqizeni ubuchwepheshe kwezokwelapha, ezokwelapha ngezokuxhumana kanye nezokuhlonzwa kwezifo. I-India ne-US sebakhe ubudlelwano obuqinile emkhakheni wezamakhemisi. Ukuzuza ukwenyuka nesivinini, yisona sikhathi esihle sokwandisa utshalomali emkhakheni wezempilo wase-India!

I-India iyanimema ukuba nitshale izimali kwezamandla. Njengoba i-India ithuthuka kwezomnotho ogxile kwezesisa, azoba makhulu amathuba otshalomali ezinkampani zase-US. Makhulu futhi amathuba emkhakheni wezamandla ezihlanzekile. Ukuthola amandla amakhulu kutshalomali, lesi yisikhathi esihle sokungena emkhakheni wase-India wezamandla!

I-India iyanimema ukuba nitshale izimali kungqalasizinda. Izwe lethu libona ukwakhiwa kwengqalasizinda enkulukazi emlandweni wethu. Wozani nibambe iqhaza ekwakhiweni kwezigidi zezindlu noma ukwakhiwa kwemigwaqo, imigwaqo emikhulu kanye nezikhumulo zemikhumbi ezweni lethu.

Ezamabhanoyi ngomunye umkhakha onamathuba amakhulu okukhula. Isibalo sabahamba ngamabhanoyi kulindeleke ukuba siphindeke kabili eminyakeni eyi-8 ezayo. Izinkampani zamabhanoyi ezizimele ezisezingeni eliphezulu zase-India zihlela ukubandakanya ezinye izindiza ezingaphezu kwenkulungwane eminyakeni eyishumi ezayo. Leli yithuba elikhulu lanoma yimuphi umtshalimali oqoka ukwenza isikhungo somkhiqizo e-India, esingaba yisizinda sokuhlinzeka izimakethe zezifunda. Okufanayo kucacile ekwenzeni izikhungo zokukhanda nokugcina esimweni kanye nokokusebenza. Yisona sikhathi esihle sokutshala emkhakheni wezamabhanoyi e-India.

I-India iyanimema ukuba nitshale izimali kwezokuvikela nezasemkhathini. Senyusa i-FDI cap yotshalomali emkhakheni wezokuvikela emaphesentini angama-74. I-India isiyenze amakhorido amabili ezokuvikela ukukhuthaza ukukhiqizwa kwempahla nezinkundla zezokuvikela. Sinikeza imihlomulo ekhethekile kubatshalimali abazimele kanye nabangaphandle. Emasontweni ambalwa edlule sivule imizila emkhakheni wezasemkhathini. Wozani, nizoba yingxenye yale mikhakha ezayo.

I-India iyanimema ukuba nizotshala imali kwezezimali kanye nomshuwalense. I-India isiyenyuse i-FDI cap yotshalomali emshuwalenseni ngamaphesenti angama-49. Njengamanje amaphesenti angama- 100 e-FDI avumeleke kutshalomali lwabaxhumanisi nezemishuwalense. Imakethe yezemishuwalense e-India ikhula ngesivinini esingaphezu kwamaphesenti ayi-12 futhi kulindeleke ukuba ikhule ifinyelele kumadola angamabhiliyoni angama-50 ngowezi-2025. Ngempumelelo ye-Ayushman Bharat, izikimu zethu zokuvikeleka kwezempilo, i-PM Fasal Bima Yojna, isikimu somshuwalense wezitshalo zethu kanye neJan Suraksha noma izikimu zokuvikeleka komphakathi, uhulumeni wenze isizinda sokuvunywa ngokushesha nokwamukelwa kwemikhiqizo yomshuwalense. Maningi amathuba okungakangenwa kuwo okwenyusa amakhava omshuwalense kwezempilo, ezolimo, ezamabhizinisi kanye nomshuwalense wempilo. Ukwenza imali yesikhathi eside neqinisekisiwe, umkhakha wezemishuwalense e-India ungomunye ophuma phambili njengamanje kwezotshalomali.

Ngininike okumbala eningakhetha kukho ngaphandle kokunikhokhisa imali yokwabelana ngolwazi.

Bangani,

Uma izimakethe sezivuliwe, uma amathuba esephezulu, kukuningi nokungakhethwa kukho, kungasilela ukuba nethemba! Ungakubona ukuba nethemba uma i-India isinyukela emazingeni asemqoka amabhizinisi. Ikakhulukazi i-Ease of Doing Business ratings eBhange Lomhlaba.

Utshalomali yindlela ephuma phambili yokukhombisa ukwethemba. Minyaka yonke, sinyukela phezulu ku-FDI. Unyaka nonyaka kuba ngaphezulu kunonyaka owedlule. Ukungena ku-FDI e-India ngeyezi-2019-20 kwakungamabhilyoni angamadola angama-74. Lokhu ukwenyuka ngamaphesenti angama-20 kusuka ngonyaka owedlule. Abangani e-USIBC bathi ‘utshalomali oluthenjisiwe’ yi-US selwedlule amadola amabhiliyoni angama-40 ngalo nyaka! Buka futhi osekwenzekile ngisho nangalo nyaka wobhubhane oluqhubekayo. Maphakathi ne-COVID, i-India isihehe utshalomali lwangaphandle olungaphezu kwamadola amabhiliyoni angama-20 phakathi kukaMbasa noNtulikazi wezi-2020!

Kepha i-India ihlinzeka ngamathuba amaningi. Sinakho okudingekayo ukunikeza amandla ukuvusa umnotho womhlaba.

Bangani,

Ukuphakama kwe-India kuchaza: ukwenyuka kwamathuba okuhwebelana nezwe ongalethemba, ukwenyuka kokuxhumana komhlaba ngokukhula kokuvuleleka, ukwenyuka ekuziqhathaniseni ngokufinyelela emakethe ehlinzeka ngesikali. Kanye nokunyuka kwenzalo yotshalomali ngobukhona kwabasebenzi abanamakhono.

Bangani,

Ngalo mbono, bambalwa okubanjiswana nabo ngaphandle kwe-United States of America. I-India ne-USA izikhondlakhondla ezimbili zentando yabantu ezinokufanayo. Sinokubambisana ngokwemvelo. Ubungani be-US-ne-India bunyuke kakhulu esikhathini esedlule. Manje sekuyisikhathi sokubambisana kwethu ukuba kubambe iqhaza ekusizeni umhlaba ukuba ubuyele esimweni ngokushesha emva kobhubhane. Abatshalimali base-America bahlala njalo befuna isikhathi esifanele sokungena emkhakheni othile noma ezweni elithile. Kubona, ngifuna ukuthi: asizange sibe khona isikhathi esingcono sokutshala imali e-India!

Ngiyaphinda futhi ngibonga ubuholi be-USIBC ngokuzibophezela ekuphuculeni ubudlelwano bezomnotho be-India-ne-US. Mayiqhubeke nokunyusa izinga i-USIBC!

Mabukhule ubungani be-India-ne-America!

Namaste!

Ngiyabonga!

New Delhi

Julayi 22, 2020